*NUMSA ISEKA ISITELEKA SABAQHUBI BAMALOLI* **
*15 Febhuwari 2011* ** Inyunyana yabasenzi basembonini yensimbi, iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) iyasiseka isiteleka sabasebenzi bamaloli esiholwa inyunyana esidlelana nayo embonini yezokuthuthatha, iSouth African Transport and Allied Workers Union (Satawu), sokuphucula izimpilo zabasebenzi kanye namaholo angcono okuphila. Lesi siteleka kuzomele sibhekwe ngasohlangothini lwemizabalazo kuzwelonke yabasenzi sokulelwa amaholo alinganayo ezimbonini zokukhiqiza. Abasenzi kanye nabantu abahlwempu babhekene nengwadla yokunyuka kwamazinga okuphila ezweni sakhile okubangelwa ukunyuka ketilasipoti, ezemfundo, nokudla nokunamathisele kakhulu nezinga labantu abantula amathuba omsebenzi emindeni yezimfabanga nabahlwempu. Lokhukhulela ngoqo wesiteleka uhambisana ncamashi nesibophezele esinziwe uKhongolose (ANC) okhethweni oledlule lukazwelonke lokudala imisebenzi engcono kanye nempilo engculisayo ebantwini bakwethu. Sihlaba ikhwelo kubasebenzi abatelekile ukuthi bayibambe iqine, khona sizokwazi ukwehlisa izinga elibizayo lokuphila, okwehluke kakhulu kunokwehlisa izinga lokwenza ibhizinisi abantu belambile. Lesi siteleka kuzomele ukuthi sidlale indima enkulu okuchitheni imibono equkethwe emqulwini kaHulumeni owaziwa ngeNew Growth Path (NGP), ehlongoza ukuthi abasebenzi abangafuni ukunyselwa amaholo ngemali eningi. Abasebenzi abangaphambuki emzabalazweni wabo wamaholo angcono kwazise phela izinsizwa kanye nenzintombi ezifaka umfanekeswayo ophuzi uyabahlumeza ngesandla esimanzonzo. AmaPhoyisa awasona isigungu sokudikida amaholo, futhi amaPhoyisa akufanele asebinzi indluzula uma Abasenzi nabaqashi bengaboni ngasolinye ngamaholo. Lesenzo samaPhoyisa sokuhlukumeza abasenzi betelekile sikhombisa ukuthi amaPhoyisa awondlavini, ngoba okokuqala nje nawo amaPhoyisa abasenzi, futhi avela khona ezindaweni la indlala ibhokile emindenini njengabo abasenzi abasesitelekeni nabo futhi bayafa eqolo ngendlela amazinga okuphila enyukile. NjengeNumsa, sithi komtakabani abadla izambane likapodo futhi abaphethe imboni yezokuthutha abanike abasebenzi inzimfuno zabo ngokushesha. Xhumana: *Castro Ngobese, Isikhulumi sikazwelonke – 073 299 1595* -- You received this message because you are subscribed to the Google Groups "NUMSA Media Releases" group. For archive, pages and files, visit this group at http://groups-beta.google.com/group/numsa-media-releases To unsubscribe from this group, send email to [email protected] NUMSA's main web site is at http://www.numsa.org.za/ -- You are subscribed. This footer can help you. Please POST your comments to [email protected] or reply to this message. You can visit the group WEB SITE at http://groups.google.com/group/yclsa-eom-forum for different delivery options, pages, files and membership. To UNSUBSCRIBE, please email [email protected] . You don't have to put anything in the "Subject:" field. You don't have to put anything in the message part. All you have to do is to send an e-mail to this address (repeat): [email protected] .
